Sidale umonakalo isishingishane ePhilippines

2012-12-04 10:04

Manila - Isishingishane esiqanjwe kwathiwa nguTyphoon Bopha, sihlasele ePhilippines ngoLwesiobili, sasiphula izihlahla nezintambo zikagesi kwathi abantu abalinganiselwa ku-40 000 baphoqeka ukuthi babaleke bayobhaca kwezinye izindawo eziphephile.

Lesi sishingishane sihlonzwe njengesikhulu kakhulu kwezike zahlasela kulelizwe kulo nyaka.

Abantu abathathu bawelwe yizihlahla kwathi oyedwa wahlaselwa yinhliziyo ngesikhathi kuhlasela uTyphoon Bopha, isimo salaba asikazeki ukuthi sinjani.

Umuntu oyedwa ubikwe kwathiwa unyamalele esiqhingini iLeyte.

"Okwamanje ababaningi abantu abalimele. Sicela kube nokusebenzisana phakathi kwabantu nabahambisi bosizo," kusho esinye sezikhulu sitshela abezindaba.

Izindiza eziyisishiyagalombili ziphoqekile ukuthi zimise uhambo lwazo, lokhu kwenze abagibeli abangu-3 000 basale bekhexile.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Rain. Morning clouds. Cool. Pta: 19-33°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-32°C Rain early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Mild. PE: 16-23°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...