Sibulewe isiboshwa esizicelele eMelika
2012-10-16 12:02
Washington - Isiboshwa saseMelika esazicelela ukubulawa, sigcine sibulewe ngecala lokubulala ujele eSouth Dakota ngoMsombuluko, nokuyisigameko sokuqala salolu hlobo kusukela ngo-2007.
Umholi uDennis Daugaard wanqaba ngaphambilini ukuxolela u-Eric Robert, ngoba ekhala ngokuthi umsolwa, 50, wazivumela yena ukuthi ubulele, wacela isigwebo sentambo waxwayisa nokuthi angaphinde abulale futhi.
"Lolu wusuku olumnyama eSouth Dakota. Ukubulawa kweziboshwa akujwayelekile," kusho isitatimende ngoMsombuluko.
"Kuleli cala u-Eric Robert ulivumile icala waze wazinqumela nesigwebo sentambo wathi futhi singabanjezelwa."
URobert ujovwe ngojovo onobuthi ngabo-10:00.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP