Sibi kakhulu isimo eSyria
2013-01-30 10:01
United Nations - Impi yaseSyria isifinyelele "esigabeni esinyantisa igazi", kusho isithunywa se-UN uLakhdar Brahimi kulandela ukubulawa kwenqwaba yabesifazane nabesilisa ngesikhathi kuhlaselwa.
UBrahimi utshele i-UN Security Council ukuthi kumele isukume ilwe nokuchitheka kwegazi.
Lokhu kulandela ukubulawa kwabelisa abasebancane abangu-80, nabadutshulwe amakhanda balahlwa emfuleni e-Aleppo.
Amavukelambuso aseSyria asola uhulumeni kaMengameli Bashar Assad ngalokhu kubulala, kodwa abezindaba bathi kumele kusolwe iqembu eliphikisayo lamaSulumane.
ISyria "iyashabalala phambi kwamehlo ethu sonke. Amazwe omhlaba kuphela anamandla okusiza," kusho uBrahimi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP