Sesihlonziwe isaguga esinqunywe ikhanda

2014-09-05 07:08

London – Kutholwe owesifazane osekhulile enqunywe ikhanda emzini oseLondon ngoLwesine, kubike abezindaba eBhrithani, esehlakalweni amaphoyisa athi asibukeki njengesenziwe amaphekula.

Amaphoyisa athe abizelwe emzini ose-Edmonton kulandela imibiko ngendoda ebiphethe ummese, athola isidumbu sowesifazane engadini.

Lona wesifazane uhlonzwe njengoPalmira Silva, oneminyaka engu-82 ubudala kanti amaphoyisa asola ukuthi udabuka eNtaliyane.

Funda olunye udaba: Uboshiwe obhokode abantu ngommese.

"Nakuba kusasekuseni ukuba kungaqagulwa imbangela yokubulala, kuyabonakala ukuthi akuhlangene nabashokobezi,” kusho inhloko yophiko lwabaseshi uJohn Sandlin.

Walile ukwenaba ngemininingwane yesehlakalo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Reuters

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...