Selimi ku-420 elabashone ePhilippines

2012-12-07 10:00

New Bataan - Iziphathimandla zithi isibalo sabashone ngesikhathi kunesiphepho esinamandla ePhilippines sesinyukele ku-420 kanti cishe bangu-400 abasadukile.

Iningi labaqinisekisiwe ukuthi bashonile kulesi sishingishane iTyphoon Bopha bahlala eningizimu yezwe lapho okube nezikhukhula khona kakhulu, okukhahlamezeke ngisho nezindawo abantu abebecabanga ukuthi ziphephile kuhlanganisa neyezimo eziphuthumayo, okushone kuyona inqwaba yabantu.

Iziphathimandla zithi babalelwa ku-215 abashonile eCompostela Valley kwathi abangaphezulu kuka-151 baphangalale endaweni eseduzane iDavao Oriental, abanye bashone maphakathi naseningizimu yezifundazwe.

Isishingishane besihambisana nomoya onamandla alinganiselwa ku-175km/h ngoLwesibili.

Siyengokwehla ngoLwesihlanu eSouth China Sea kanti kulindeleke siphele ngempelasonto.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. Bloem: 19-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-35°C Tstorms early. Morning clouds. Hot. PE: 19-26°C Showers early. Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...