Selimi ku-115 inani labashone ePhilippines

2012-12-05 10:00
Yabelani Shicilela

Manila - Inani labashone ngesikhathi kuhlasela isishingishane ePhilippines selinyuke lafinyelela ku-115, njengoba kuthiwa kusekhona ezinye izisulu ezingakatholwa, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Kushone abantu abangu-49 ngesikhathi kubihluka umhlaba eNew Bataan kwathi abanye abangu-51 bashona eMindanao, kusho okhulumela umbutho wezempi uLieutenant Colonel Lyndon Paniza.

Kulaba abashone eNew Bataan kubalwa nesosha ebeliyingxenye yabatakuli.

Kubikwa amanye amasosha ayisithupha adukile kwathi amathathu athola ukulimala.

Abanye abantu abangu-12 bashone eMindanao.

Izikhulu zithi zisabela ukuthi lesi sibalo singase sikhule njengoba abatakuli besazohambela izindawo eziqhelile.



- Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Cool. Bloem: -1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 10-22°C Sunny. Cool. PE: 10-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...