Selimi ku-110 inani labashone eBangladesh
2012-06-28 13:52
Dhaka - Sesinyuke safinyelela ku-110 isibalo sabantu abashone ngesikhathi kubihlika umhlaba nokudalwe yizikhukhula eBangladesh njengoba nombutho wezokuvikela usufake isandla ekusizeni ukuhlangula, ngokucelwa nguhulumeni.
Abatakuli sebebuye nezidumbu ezingu-110 ezitholakale ezindaweni ezisemaphandleni, kusho uS G Kibria, noyisikhulu eMnyangweni weziNhlekelele.
Laba bantu babulawe ukubihlika komhlaba, izikhukhula, umbani nokushokhwa ugesi, esho.
Uhulumeni welule isandla ngezinsiza kulabo abasale dengwane.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA