Sekwanele ngezibhicongo - Obama
2012-12-17 10:04
Newtown - UMengameli uBarack Obama wenze isethembiso ngeSonto wathi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuqeda nya ngomkhuba osuwandile wokudutshulwa kwabantu njengoba muva nje kubulawe izingane ezingu-20 esikoleni samabanga aphansi eConnecticut.
U-Obama uzwakalise ukudinwa ngesikhathi ekhuluma nomphakathi waseNewtown, ngemuva kwesigameko esinyantisa igazi sangoLwesihlanu, okuyisigameko sesine esifuze lesi selokhu aba ngumengameli.
"Singasho ukuthi senza okwanele ngempela ukunikeza zonke izingane zezwe lethu ithuba elifanele lokuphila ngenjabulo?
"Bengicabanga ngalokhu ezinsukwini ezedlule, uma singaphendula ngokweqiniso, impendulo ithi cha. Asenzi okwanele, kuzodingeka sishintshe."
Ushayasibhamu, u-Adam Lanza, ugasele esikoleni ekufundisa kuso umama wakhe wavulela ngenhlamvu wase ezibulala naye.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP