Sekushone omunye eGaza Strip

2012-11-30 10:03
Yabelani Shicilela

Gaza City - Kushone umuntu oyedwa wasePalestine kwathi omunye walimala ngesikhathi kubhamuka isiqhumane esajikijelwa eGaza Strip, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kusho okhulumela abahambisa usizo oluphuthumayo.

U-Adham Abu Selmiya uthi lesi siqhumane satshalwa ngabakwa-Israel, enkundleni ekuqeqeshelwa kuyo abe-Ezzedine al-Qassam Brigades, okuwuphiko oludlelana neHamas.

Kusukela mhlaka-14 Novemba kuqhubeka impi eGaza Strip, akucacile ukuthi kwenzeke kanjani lesi siqhumane sithathe isikhathi eside ukuthi siqhume.

Ukushona kwalona kwenze isibalo sabashonile basePalestine sifinyelele ku-175, abaningi abashonile ngabantu abangenacala, bayisithupha abakwa-Israel abashonile, ababili kubo ngamasosha.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...