Sehlile isibalo sabangasebenzi eSpain
2013-01-03 15:02
Madrid - Isibalo sabantu abafuna imisebenzi eSpain sehlile ngoDisemba, ngemuva kokwenyuka izinyanga ezine zilandelana, kusho ihhovisi likangqongqoshe wezabasebenzi ngoLwesine.
ISpain inezinga labangasebenzi elimi ku-25% kodwa, isibalo sababhalisile abadinga imisebenzi sehle cishe ngo-60 000 ngoDisemba.
Uhulumeni uncome kakhulu ukwehla kwalezi zibalo ekusetshenzisweni kwezindawo zokudlela ngesikhathi sikaKhisimuzi wathi izibalo zikhombisa ukuthi izingala labangasebenzi alisanyuki ngesivinini njengakuqala, kusho unobhala wezwe u-Engracia Hidalgo.
Ngo-2012, isibalo sabantu abafuna imisebeni eSpain sanyuka safinyelela ku-430 000.
Balinganiselwa ku-5.8 million abantu kumanje abangasebenzi kuleliya lizwe, ngokusho kwe-National Statistics Institute (INE) - okuyisibalo esiphezulu kusukela ngo-1977.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).