Sebengu-22 abashone kuhlasela isishingishane

2014-10-14 14:31

Delhi - Isishingishane esinamandla, iCyclone Hudhud, esihlasele kwelaseNdiya ngempelasonto sibulale abantu abangu-22, salimaza inqwaba yemizi, kwasala kumnyama endaweni, kusho izikhulu ngoLwesibili.

Izikole zisavaliwe namanje, izintambo zikagesi nezezincingo eziningi ziphansi edolobheni laseVisakhapatnam esifundeni sase-Andhra Pradesh.

Funda nalolu daba: Kushone abaningi kuhlasela isihingishane.

UNdunankulu waseNdiya uNarendra Modi, ohlole umonakalo wesishingishane ezindaweni ezahlukene ehamba ngendiza ngoLwesibili, utshele izintatheli ukuthi ezobuchwepheshe ezisetshenziswa abesimo sezulu zisindise izimpilo zabantu.

Ukususwa kwabantu abaningi ezindaweni zabo ngaphambi kokuhlasela kwesishingishane kusizile ngoba ngabe isibalo sabashonile siphezulu kakhulu, kusho isikhulu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...