Owesifazane ugcine isidumbu somyeni iminyaka

2012-11-20 14:05

Moscow - Iziphathimandla zaseRussia zithi owesifazane onezingane ezinhlanu ugcine isidumbu somyeni wakhe endlini cishe iminyaka emithathu ashona.

Abashushisi maphakathi nesifunda iYaroslavl bathe lona wesifazane ongadalulwanga igama lakhe, okhonza ePentecostal, onomlango wokungaphili kahle ngokwengqondo, wayekhathazeke kakhulu ngokushona komyeni wakhe ngo-2009 ngendlela yokuthi waze wakholelwa ukuthi umyeni wakhe uzovuka.

Kuqaliswe uphenyo ngemuva kokutholakala kwesidumbu endaweni elahla udoti sifakwe kuplastiki ngoJulayi.

Ihhovisi labashushisi ngoMsombuluko lithe lona wesifazane wabeka isidumbu embhedeni ekamelweni lendlu, esigcine khona, wabe esetshela izingane zakhe ukuthi zikhulume naso zisiphe nokudla.

Ihhovisi lithi izingane ezimbili zabe sezikhetha ukusilahla isidumbu ngesikhathi sebethutha, beyohlala kwenye indawo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 16-23°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...