Owesifazane uboshelwe ukushaya intombi nge-vibrator

2015-07-14 14:32

Tallahassee - Owesifazane waseFlorida ithweswe icala lodlame lwasekhaya kulandela izinsolo zokusebenzisa i-vibrator ukushaya uphathina wakhe ngesikhathi kunengxabano phakathi kwalezi zithandani emziniwazo, kusho amaphoyisa.

Lokhu kwenzeka phambi kwephoyisa laseClearwater ngoMgqibelo emzini wa-Annette Kielhum, 57, noGamze Capaner-Ridley, 47.

Leli phoyisa laliphelezela uCapaner-Ridley eyothutha izimpahla zakhe kulandela ukuvulela uKielhum icala ngodlame lwasekhaya.

OLUNYE UDABA: Amathoyizi asetshenziswa ocansini

Ngemuva kokuba lezi zithandani zibange ingubo yokugqoka leli phoyisa u-Eric Blomgren watshela uKielhum ukuba angaphakamiseli uCapaner-Ridley isandla kodwa ngemuva kwemizuzwana uKielhum wajikijela uCapaner-Ridley nge-vibrator ebusweni wamubamba isandla embuza ukuthi ekgabani le vibrator, kubikiam abe

Amaphoyisa abe esebopha uKielhum ngecala lokushaya.

Incwadi efungelwe ayicacisi noma le vibrator yathathwa njengxenye yobufakazi, kubika iphephandaba iThe Smoking Gun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...