Owesekisi uhlaselwe yibhubesi abedlala nalo

2015-02-10 16:02

Cape Town - Umuntu odlala isekisi ucishe wendela koyise mkhulu ngesikhathi ehlaselwa yibhubesi abedlala nalo phambi kwezibukeli.

UFaten El-Helw, uhlaselwa yibhubesi kanjena nje, nomyeni wakhe washona edlala umdlalo ofanayo nebhubesi, eminyakeni engu-10 eyedlule.

I-video eyaqoshwa kwenzeka le nhlekelele, ikhombisa u-El-Helw evayiza ezihlelweni, bese ibhubesi limgxumela lisuka esihlalweni elisuke lihlaliswe kuso.

Ngokusho kwabezindaba zeDaily Mail, u-El-Helw, utabalase wakwazi ukuphakama wasizwa ngozakwabo bambalekisa.

Ibhubesi libuyiselwe ekhejini lalo.

Imibiko yabe-Inquisitir ithi u-El-Helw, ubhale kuFacebook wakhe wabonga ukuthi usaphefumula.

Umndeni wonke wakwa-El-Helw, udume iGibhithe lonke ngothando lwawo namabhubesi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...