Oshayasibhamu badubule babulala amasosha

2013-02-21 12:01

Timika - Oshayasibhamu abangaziwa kuthiwa bavulele ngenhlamvu kwashona amasosha ayisishiyagalombili kwalimala amanye amabili e-Indonesia esifundeni iPapua, kusho isikhulu embuthweni.

"Ayisishiyagalombili amasosha adutshulwe abulawa ezehlakalweni ezimbili ezahlukene," kusho isikhulu embuthweni uJansen Simanjuntak, ngesikhathi etshela abezindaba ze-AFP.

Isehlakalo sokuqala senzeke esifundeni iPuncak Jaya, ngo-09:30, oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu emasosheni, kwashona elilodwa.

Esesibili isehlakalo senzeke ngemuva kwehora kwenzeke esokuqala, lesi senzeke eSinak okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-60 kusuka ePuncak.

Amadoda abehlomile adubule amasosha ayisishiyagalolunye abesendleleni ebheke esikhumulweni sezindiza, kushone amasosha ayisikhombisa.

USimanjuntak uthi bekungakaboshwa muntu ngazo zombili lezi zehlakalo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...