Oshayasibhamu babulale 9 ePakistan
2012-09-13 13:31
Quetta - Kushone abantu abayisishiyagalolunye ngesikhathi ashayasibhamu abebehamba ngesithuthuthu benethisa ngenhlamvu esifundazweni esisePakistan, iBaluchistan, kusho izikhulu ngoLwesine.
Iqulu lamadoda amane noma amahlanu agasele endaweni lapho kwakhiwa khona umgwaqo edolobheni iDasht, avulela ngenhlamvu, kusho isikhulu u-Irfan Shah etshela abe-AFP.
"Labo shayasibhamu babe sebeyabaleka," esho.
Owamaphoyisa uMohammad Ismail ukuqinisekisile lokhu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP