Oshayasibhamu babulale 7 e-Iraq
2013-02-22 14:02
Baghdad - Oshayasibhamu babulale amasosha ayisikhombisa angaphansi kombutho wezempi kwalimala nelilodwa enyakatho ne-Iraq, kusho amaphoyisa.
Abahlaseli bahlule ngamandla amalungu ayisishiyagalombili eSahwa esigodini saseHalaywat, esifundazweni iSalah al-Din, noyibanga elingu-170 wamakhilomitha ukusuka eBaghdad.
La madoda athathwe ayiswa kwenye indawo nokuyila afike adutshulelwa khona, kwasinda eyodwa.
ISahwa yinhlanganisela yamaSunni, okumanje asebenzisana nohulumeni ukuletha uzinzo aphinde alwisane nenhlangano yamaphekulazikhuni i-al-Qaeda.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP