Okunye ukuqhumisa ngebhomu e-Iraq

2012-12-31 12:28
Yabelani Shicilela

Hilla - Ibhomu ebifakwe emotweni ngaphandle kwamahhovisi kahulumeni eningizimu yeBaghdad libulale abantu ababili ngoMsombuluko.

Ukuqhuma okwenzeke ngo-8:30 edolobheni laseHilla, kuphinde kwashiya kulimale kanzima abantu abangu-17 kwacekela phansi izitolo nezimoto, kusho amaphoyisa nabosizo lokuqala.

Alikho iqembu elisaphumele obala lavuma ukuba nesandla kulokhu, kanti nemininingwane ngabashonile ayikabikho.

Amasosha eSunni kanjalo neqembu i-Al-Qaeda eIraq yiwona ajwayele ukuhlasela izikhulu kanye nabezokuphepha, ngenxoso yokunyakazisa umbuso kahulumeni.

Udlame e-Iraq lwehlile uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2006 no-2007, kodwa izigameko zokuhlasela zisenzeka cishe zonke izinsuku.




 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 12 eqhweni eNepal

2014-04-18 14:03
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...