Ngeke zisathathwa izicubu zeziboshwa eChina

2012-11-22 10:06
Yabelani Shicilela

Beijing - IChina angeke isalindela ukwamukela izicubu zeziboshwa ezibulewe kuze kuzokwazi ukuthi kunikelelwe iziguli, kusho uMnyango wezeMpilo ezweni ngoLwesine.

Ukukhula kwesibalo sabadinga ukunikelelwa ngezitho zomzimba bekwenza abantu abalahlwe ngamacala, ababhekene nesigwebo sentambo bahlalele ovalweni njengoba bekuyibo kuphela abangayilamula.

Inhlangano yamalungelo abantu igxeke kakhulu uhulumeni waseChina ngokuthatha izicubu zeziboshwa, ngaphandle kwemvume yazo noma yemindeni.

"Angeke zisathathwa izicubu zeziboshwa," kusho iPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uHuang Jiefu.

Uhulumeni uqale uhlelo lokunxenxa abantu bezwe lakhe ukuthi banikele ngezicubu, zilinganiselwa ku-1 000 kuphela izicubu esezike zanikelwa kusukela uhulumeni aqala lolu hlelo eminyakeni emibili edlule.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-27°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...