Maningi amasosha aseMelika azubulalayo

2013-01-15 10:03

Washington - Kukhule kweqa amagalani ukuzibulala kwamasosha aseMelika, ngonyaka ka-2012, kukhula kwedlula isibalo esejwayelekile sokufa kwamasosha, kusho umbiko ngoMsombuluko.

Umbiko okhishwe yizikhulu enkambini, uthi angu-349 esewonke amasosha azibulele ngonyaka ka-2012, okuyisibalo esingaphezulu ngo-15%, kwesango-2011.

Kwenzeka konke lokhu phezu kwemizamo eminingi yezikhulu, yokwehlisa izinga lokuzibulala kwabasebenzi.

"Lesi yisihlava engeke sishaywe indiva," kusho uSenator Patty Murray, owaba yingxenye yokuguqulwa kwemithetho ngonyaka owedlule, ngenhloso yokunciphisa ukuzibulala kwamasosha.

"Abantu abasha kanjalo nabadala embusweni, babhekene nezingqinaba. Kumele kwenziwe konke ukuqinisekisa ukuthi abaweli ogibeni olufanayo nelozakwabo abagcina ngokuzibulala."

Ohlangothini lwamasosha ajwayelekile, bangu-182 abazibulale, emasosheni asebenza emanzini babe ngu-108, kuthi emasosheni asemoyeni babe ngu-59.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...