Linyukile inani labashone engozini eNdiya

2011-07-11 13:24

Fatehpur - Abethimba lezokutakula basebenze kanzima ngesikhathi bezama ukuhlenga abantu kulandela ingozi yesitimela eyenzeke enyakatho neNdiya, nalapho kushone khona abantu abangu-67.

Izidumbu ebezimbozwe ngezindwangu ezimhlophe bezikele phansi eduze kwesitimela, njengoba amalungu emindeni abemi izixongololo ngenhloso yokuzofanisa izihlobo zawo.

Inani labashonile kulindeleke ukuthi linyuke njengoba kusaqhubeka ukuthungathwa kwezisulu, kusho uColonel Amarjit Dhillon, noyisikhulu sombutho osebenza ngezokutakula.

Kulesi sigameko kulimale abagibeli abangaphezu kuka-100 ngesikhathi isitimela siphuma emzileni waso edolobheni iFatehpur.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Rain. Morning clouds. Pleasantly warm. Pta: 18-33°C Mostly sunny.
Jhb: 17-27°C More sun than clouds. Bloem: 16-33°C Rain early. More sun than clouds. .
Dbn: 19-24°C Rain late. More sun than clouds. . PE: 17-22°C Afternoon clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...