Lingenile elowadlwengulwa washona

2013-01-21 10:03

New Delhi - Liyangena enkantolo icala elibhekene namadoda ayisihlanu asolwa ngokudlwengula isitshudeni, 23, nesagcina ngokushona, ebhasini eNew Delhi.

Leli cala lizongena enkantolo eyisipesheli ngenhloso yokusheshisa ubulungiswa.

Imimoya isephezulu eNdiya kulandela ukuhlaselwa ngesihluku kwesitshudeni phakathi noDisemba, nokwavusa imibhikisho eyaphelezelwa wudlame.

Amadoda ayisihlanu abekwe amacala okubulala, ukudlwengula, ukugebenga, ukuthumba namanye, kanti kulindeleke ukuthi uma elahlwa yicala athole isigwebo sentambo.

Umsolwa wesithupha othi uneminyaka engu-17 ubudala, icala lakhe lizolalelwa enkantolo yezingane.

Leli cala lisheshiselwa ukuthi umndeni usheshe ukwazi ukudlulisa lesi sigameko esinyantisa igazi esehlakalela indodakazi yawo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C a few showers. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...