Limi ku-23 elabashone eChina
2012-11-26 14:02
Beijing - Isibalo sabantu abashone kuqhuma imayini eChina sesikhuphukele ku-23 ngoMsombuluko kulandela ukuba kutholakale isidumbu somvukuzi ebesingakatholakali, kusho abezindaba kuleliya lizwe.
Abatakuli bathole isidumbu ngemuva kwezinsuku ezimbili kuqhume igesi emayini yamalahle iXiangshui eLiupanshui, esifundazweni iGuizhou, kusho iXinhua.
Uphenyo lwesikhashana lugxeka ezokuphepha ngalesi sigameko, kusho umbiko.
Ngemuva kokuqhuma okwenzeka ngoMgqibelo, bangu-18 abantu okwabikwa ukuthi bashonile kwathi ngeSonto abezokuphepha babika ukuthi isibalo sesifinyelele ku-22.
Bahlanu abavukuzi abalimele.
IChina iyizwe elihamba phambili emhlabeni ngokusebenzisa amalahle.
Kodwa izimayini zakhona zihamba phambili ngokufa kwabantu ngenxa yemithetho yakhona, nenkohlakalo.
Izingozi ziningi ngoba abanikai bezimayini babheka kakhulu inzuzo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP