Kuzovotwa ngoSepthemba e-Australia

2013-01-30 12:02

Canberra -  UNdunankulu uJulia Gillard umangaze abantu base-Australia ngoLwesithathu ngesikhathi ememezela ukuthi kuzoba nokhetho ngoSepthemba 14, ekubeni uhulumeni wakuleli lizwe ngokujwayelekile umemezela usuku okuzabanjwa ngalo ukhetho sekusele isikhathi esingaphezudlwana kwenyanga eyodwa, ngenhloso yokunika iqembu eliphikisayo isikhathi esincane sokukhankasa.

Enkulumeni yakhe eNational Press Gallery, uGillard uthe ufuna ukwenza ukuthi abavoti bakwazi ukugxila ezindabeni ezibhekene nezwe ngokuthi asuse ukungabaza okuba khona bokuqagela isikhathi okungase kubanjwe ngaso ukhetho.

"Ngizinike isikhathi ngicabanga ngalokhu, ngase ngibona ukuthi akukuhle ukuthi abantu base-Australia bahlale beqagela, nokuthi akukuhle futhi ukuthi babhekane nalo nyaka belokhu bengenaso isiqiniseko,” usho kanje.

Ongoti bayakuphika ukuthi lesi sinqumo sikaGillard singase simuhlomulise ngokhetho.

Abanye bathi abavoti bazohlala ngakuyena kulandela ukumemezela kwakhe ukhetho kusenesikhathi, abanye bathi lokhu kuzokwenza kube nesikhathi esingangezinyanga ezingu-8 zokukhankasa kunezinhlanu ezejwayelekile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...