Kuzophasiswa ukushada kwezitabane eHawaii

2013-11-13 09:57

Honolulu – IsiShayamthetho siphasise umthetho ovumela ukuthi abantu abathandana bengabobulili obufanayo kube semthethweni ukuthi baganane eHawaii.

UNeil Abercrombie, nowanxenxa izikhulu ukuba ziphasise lo mthetho nobengafihli ukuthi uyabeseka abantu abaphila le mpilo, uthe sekusele ukuthi lo mthetho awusayinde.

Lo mthetho uzovumela izinkulungwane zezitabane ezihlala eHawaii nezivakashi ukuba bashadane kulesiya siqhingi kusukela ngoDisemba 2.

"Sengikulangazelele kakhulu ukusayinda lo mthetho ochaza ukuthi bonke abantu bayalingana ngaphambi komthetho,” kusho u-Abercrombie.

UMengameli waseMelika uBarack Obama ukushayele ihlombe ukuphasiswa kwalo mthethosivivinywa, wathi uqinisekisa inkululeko nokulingana ezweni.

"Angikaze ngizenyeze ngokuzalelwa eHawaii, kanti isinqumo sanamhlanje senza ukuthi ngiziqhenye kakhulu,” kusho u-Obama.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AP

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...