Kuzokuba nezingxoxo zokuletha ukuthula eSyria

2013-02-25 16:11

Moscow - Uhulumeni obusayo eSyria uthi uzokuba nezingxoxo nawo wonke amaqembu ahlanganisa namavukelambuso, ngenhloso yokuqeda impi eqhubeka ezweni, kusho uNgqongqoshe wezangaPhandle uWalid al-Muallem, ngesikhathi ekhuluma nozakwabo waseRussia uSergei Lavrov.

"Sesikulindeleke ukuthi kubanjwe izingxoxo, sizokhulumisana nanamavukelambuso ahlomile," kusho uMuallem.

Mibili iminyaka amavukelambuso ezama ukuphazamisa uhulumeni kaMengameli uBashar Assad.

"Siyakholelwa ezingxoxweni ezinokuthula ezweni laseSyrian," kusho uMuallem, othi kungase kube nohulumeni wokubambisana, kuze uzokwazi ukuxazulula izinkinga zezwe.

"Asikho isinqumo esithathiwe ukuthi sibhekane nezinkinga zezombusazwe eziqhubeka ezweni," kujobelela uLavrov.

"Simele ukuthi izwe lithole uzimele geqe, libe nobumbano kubantu bonke balo, kungakhathalalelwa ukuhlukana kwenkolo yabo. Kumele abantu baphile ngokuthula nangentando yeningi."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...