Kuzokhishwa isinqumo ngamasosha eMelika ase-Iraq

2011-07-28 16:40

Baghdad - UNdunankulu wase-Iraq uthi ubuholi bezwe lakhe bungase bufinyelele maduze esivumelwaneni sokuthi amasosha aseMelika azohlala yini kuleliya lizwe emuva kwalo nyaka.

Kodwa, uNouri al-Maliki uthi isinqumo sizothathwa yiPhalamende. Lokhu kuphawula kuza emuva kokuthi iPhini likaMengameli uJoe Biden ngoLwesine ehlangane nabeluleki bakhe base-Iraq eWashington.

Esitatimendeni sikaMaliki uthi uBiden umfonele ngoLwesithathu emazisa ngenqubekelaphambili e-Iraq ekutheni amasosha aseMelika azoshiya kuleliya lizwe ngoDusemba njengokwesivumelwano sika-2008 phakathi kwala mazwe womabili.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Rain showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...