Kuzofakaza udokotela kwelokudlwengula
2013-02-25 14:03
New Delhi - Udokotela waseSingapore owahlola isidumbu sentombazane eyadlwengulwa yiqulu labalisa e-India kulindeleke ukuba ethule ebufakazi nge-video ngoMsombuluko, kusho ummeli.
Umfundi oneminyaka engu-23 ubudala owadlwengulwa ngoDisemba wahlaselwa, washona ngemuva kokuba uhulumeni esemthumele esibhedlela saseSingapore ngemizamo yokumhlenga.
"Udokotela owahlola isidumbu esibhedlela saseSingapore uzokwethula ubufakazi enkantolo," kusho ummeli uV.K. Anand etsela abe-AFP.
Uthe abanye odokotela ababili baseMount Elizabeth Hospital nabo bazokwethula ubufakazi babo ecaleni elisenkantolo eNew Delhi.
Ubufakazi mayelana nokuhlolwa kwesidumbu kubalulekile ekutholeni imbangela yokufa, nokuthola ukuthi ukubulala kwabayinhloso yini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP