Kuvalwe izikole kuwa isithwathwa
2013-01-10 11:01
Jerusalem - Kuwe isithwathwa esingajwayelekile ngoLwesine ekuseni eJerusalem, kwamhlophe idolobha elaziwa ngokuthi liNgcwele, umasipala wendawo waphoqeleka ukuthi umemezele ukuthi kuvalwe zonke izikole nezinkulisa.
Amaphoyisa nawo aphinde avala ingxenye yokugcina yomgwaqo omkhulu osuka eTel Aviv ulibhekise eJerusalem ngenxa yeqhwa.
Kusukela ngoMsombuluko ebusuku, elakwa-Israel lihlaselwe yisiphepho esingakaze sabonakala eminyakeni engu-20, kwadaleka isiminyaminya emigwaqeni kanye nezikhukhula emgwaqeni omkhulu kuleliyalizwe uTel Aviv highway.
Isithwathwa siphinde sawa nasenyakatho yezwe lakwa-Israel, kusho abe-Israel Radio.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).