Kuthunjwe 100 eSyria
2013-02-15 16:36
Beirut - Bangaphezu kuka-100 abantu baseSyria abathunjwe ngoshayasibhamu abakade behlomile, esifundazweni i-Idlib, ezehlakalweni ezahlukene.
Lesi sehlakalo sesinyakazise izikhulu sanyusa namaphaphu ezingqapheli.
Abenhlangano iSyrian Observatory for Human Rights bathi kuthunjwe abesilisa abalinganiselwa ku-70 bese abanye kuba ngabesifazane.
Abathunjiwe bebegibele ebhasini ngesikhathi limiswa yizidlamlilo, kuthiwa abathumbi ngabasendaweni ekuthiwa yi-Al-Fua and
Kafray.
Udlambedlu lwaseSyria lwaqala ngesikhathi kuvukelwa umbuso kaMengameli uBashar al-Assad, uvukelwa ngabeqembu iSunni, umengameli yena useqenjini elihlobene nabangamaSulumane iShi’ite
Islam.
Umbiko we-United Nations uthi balinganiselwa ku-70 000 abantu asebeshonile, kusukela kwaqala impi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).