Kutholane phezulu ababhikishi namaphoyisa eChicago
2012-05-21 14:00
Chicago – Kube mnyama indawo ngesikhathi
ababhikishi betholana phezulu namaphoyisa ngeSonto embhikishweni obuyingxenye yokukhombisa
ukungahambisani ne-Nato.
Umbhikishio ogcine ngokuba nodlame eChicago usuke ngesikhathi amakhulu abantu efuna kuphele impi, beshaya indiva umyalelo wokusuka
emigwaqeni.
Njengoba abaholi be-Nato bebambe izingxoxo ezigxile kwelase-Afghanistan,
izikhulu zithi abantu abalinganiselwa ku-3 000 kuya ku-5 000 bamashele
edolobheni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi abanye bababhikishi bahlangabezane
namaphoyisa.
Intatheli ye-AFP ibone ababhikishi bedushwa ngamaphoyisa emgwaqeni, ebabobapha.
Ababhikishi ebebedinwe begane unwabu bejikijele ababhodlela amanzi,
nezinduku kanye nezinye izinto bekubhekise emaphoyiseni.
Abezindaba bathwebule izithombe zababhikishi ebebegcwele igazi belimele
nasemakhandanda, kodwa izikhulu azikhiphanga mininingwane mayelana nabalimele.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).