Kutholakale umndeni ushonile eJapan

2012-11-16 10:01

Tokyo - Kutholakale amalungu ayisihlanu omndeni eshonile, okubalwa nezingane ezintathu ezincane, evenini enkabeni yeJapan nokubukeka sengathi bazibulele, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Indoda nowesifazane, abeseminyakeni eko-30 ubudala, nezingane zabafana ezineminyaka emithathu, emihlanu neyishumi ubudala -- batholakale ngoLwesine emotweni eFujinomiya, kusho isikhulu samaphoyisa kuleli dolobha.

Laba kusolakala ukuthi babulawe yi-carbon monoxide ngemuva kokushisa amalahle ngaphakathi emotweni.

"Siyaphenya ngalesi sigameko kanti kusolakala ukuthi umndeni uzibulele njengoba ushiye nencwajana," kusho okhulumela amaphoyisa.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...