Kutholakale isidumbu sigoqwe ngamabhandishi umzimba wonke

2015-10-22 09:57

Mexico City – Kutholakale isidumbu sendoda silenga ebhulohweni sisongwe ngamabhandishi kusuka emaqakaleni kuze kuyophuma entanyeni, eMexico City.

Ihhovisi lomshushisi kuleli dolobha likhiphe isitatimende lathi le ndoda ihlawumbiselwa eminyakeni engu-25 ubudala kanti ibinamahlandla amabili okudutshulwa ekhanda.

Isidumbu sayo sitholakale silenga eConcordia Bridge, e-Acatitla, ngabo-05:00 ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: 'Intombi yebe isidumbu sesoka'

Umufi ube esembozwa ikhanda ngendwangu emnyama, kepha ubuso bakhe bubonakala, intambo ibigaxwe esifubeni, engazigqokile izicathulo.

Kube sekutholakala isiqephu sephepha elinesexwayiso, nokho izikhulu azizange ziveze ukuthi besithini lesi sexwayiso.

Ukulengiswa kwezidumbu emabholuhweni othelawayeka kunguphawu lwempi esuke ikhona kulabo abadayisa izidakamizwa uma besuke bebenga imingcele.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...