Kutholakale amakhanda abantu eSri Lanka

2012-12-14 12:01

Colombo - Omakhi bathole indawo okukholakala ukuthi kwangcwatshwa kuyo inqwaba yabantu ngesikhathi kutholakala amathambo amakhanda abantu angu-49 eSri Lanka, endaweni yokwakha.

Okhulumela amaphoyisa uPrishantha Jayakody ngoLwesihlanu uthe kutholakale la mathambo ngesikhathi kwenziwa umsebenzi wokugumba umhlabathi njengoba kunwetshwa isibhedlela esisedolobheni iMatale.

UJayakody uthe eminye imininingwane ngala mathambo ayicaci.

Kodwa iPeople's Liberation Front, ithe akube khona uphenyo lokubona ukuthi ngabe akuwona yini amalungu alo abulawa ngamasosha kahulumeni ngo-1971 lawa.

Ukutholana phezulu kwale nhlangano namasosha kahulumeni kwashiya inqwaba ishonile kulezi zihlangothi zombili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...