Kuthiwa kushone umculi kuphahlazeka indiza
2012-12-10 10:03
Monterrey - Imboni yomculo ikhihle esikaNandi ikhalela umculi waseMexico uJenni Rivera, ozalwa eMelika, nekukholakala ukuthi ushonile engozini yokuphahlazeka kwebhanoyi.
Izikhulu bezingakakuqinisekisi ukushona kukaRivera, kanti nezihlobo zakhe eziseMelika zithi azikholwa ukuthi ubekhona ebhanoyini iLearjet 25, elisuke esikhumulweni ngeSonto.
"Indodana yami uLupillo ungitshele ukuthi kuphahlazeke indiza kaJenni, wathi bonke ebebephakathi bashonile," kusho uyise uPedro
Rivera, ekhuluma nabezindaba ebebetheleke ekhaya kubo eLos
Angeles.
" Ngicabanga ukuthi isidumbu sakhe siyizicucu asibonakali."
Umndeni sewamukele amazwi enduduzo aqhamuka kwabanye abaculi nosaziwayo.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa - AP