Kuteleke abezindiza eSpain
2013-02-19 16:08
Madrid - Inkampani yezindiza yaseSpain i-Iberia, isalokhu ikumisile ukusebenza kwezindiza zayo, njengoba kuqhubeka isiteleka esesingene osukwini lwesibili.
Inkampani i-Iberia imise izindiza ezingu-232 ebekumele zisebenze ngoLwesibili, isiteleka sabasebenzi seziphazamise nokusebenza kwezinye izinkampani zezindiza ezihlanganisa i-Air Nostrum, Vueling kanye ne-Iberia Express.
Zilinganiselwa ku-1 220 izindiza ezingase zimiswe ngoLwesihlanu, bese kuphinda kubanjwa esinye isiteleka ngenyanga kaMashi.
Abasebenzi benkampani emazingeni amaningi, babambe umbhikisho, bekhala ngokulahleka kwemisebenzi engu-3 800, okwenzeka ngesikhathi inkampani ihlangana neBritish Airways ngo-2011.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).