Kushone owesifazane owelwe yisihlahla

2014-10-21 17:56

London - Owesifazane uwelwe yisihlahla washona eLondon ngesikhathi kuhlasela isishingishane iHurricane Gonzalo eBhrithani.

AbeLondon Ambulance Service bathi abosizo lokuqala bazamile ukusindisa owesifazane kodwa washonela khona endaweni yesehlakalo endaweni yaseKnightsbridge.

Abanye abantu bathole ukulimala ngemuva kokushaywa amagatsha ezihlahla eziwile.

Kanti futhi imimoya enamandla iwise izishahla zavala imizila yezitimela.

Funda nalolu daba: Sekushone abangu-25 ngezikhukhula zaseMelika.

Abesimo sezulu bathe imimoya kulindeleke uvunguze ngamandla ezindaweni ezingasogwini.

Isikhumulo sezindiza saseHeathrow kudingeke simise ukuhamba kwamabhanoyi, kanye neminye imikhumbi eBhrithani nase-Ireland.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...