Kushone odado abayisithupha begxobana ngezinyawo

2014-09-27 14:02

Beijing – Kushone izingane eziyisithupha kwathi ezingu-25 zalimala ngesikhathi kusuka isiphithiphithi zigxobana ngezinyawo esikoleni samabanga aphansi edolobheni eliseningizimu neChina, iKunming.

Akucaci ukuthi yini equbule isiphithiphithi eMingtong Primary School, kusho isikhulu saleli dolobha.

ISekela likaNdunankulu eChina uLiu Yandong uthe kumele kwenziwe uphenyo kutholakale imbangela yalesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 abantu begxobana eGhana

Uhulumeni waleli dolobha uthe abafundi abangu-25 abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

Ngasekuqaleni kwale nyaka, owesilisa ubulale abafundi abathathu ngaphambi kokuzibulala esifundazweni iHubei.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...