Kushone izivakashi ezintathu kucwila isikebhe

2014-10-28 13:36

New Delhi – Amaphoyisa athe athe isikebhe ebesigcwele izivakashi siketuke sabheka phezulu ngaphambi kokuthi sicwile kwashona abesifazane abathathu abadabuka eRussia. 

Kubikwa ukuthi lesi sikebhe besigudla olwandle olubizwa ngeBetul Beach eningizimu yesifundazwe iGoa. 

Umbiko uveza ukuthi laba besifazane bebeyingxenye yabesifazane abayishumi abaqashe lesi sikebhe ngoLwesibili ngenhloso yokubukela ofishi.

OLUNYE UDABA: Kunyamalale inqwaba yabantu kucwila isikebhe

Kubikwa ukuthi kuqhamuke igagasi elikhulu laketula lesi sikebhe sabheka phezulu ngokusho kokhulumela amaphoyisa uNilesh Shirotkar.

Kubikwa ukuthi abezimo eziphuthumayo basebenze kanzima ukuzama ukuhlenga impilo zalaba abanye besifazane.

Isifundazwe saseGoa sibalwa lezinye ezivakashelwa kakhulu eNdiya njengoba zibalelwa ku-3million izivakashi ngonyaka.


    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...