Kushone izingane engozini eChina
2012-12-25 08:37
Beijing - Kushone okungenani izingane ezingu-11 ezifunda enkulisa eChina ngesikhathi iveni yazo ikhalakathela edamini, ngokusho kombiko wezindaba zeXinhua News Agency.
Amaphoyisa abophe umshayeli weveni obethwele izingane ezingu-15 endaweni esemaphandleni eningizimu nesifundazwe iJiangxi.
Ukushona kwezingane ezingu-18 zasenkulisa ngoNovemba 2012 kwaqubula omkhulu umsindo nokwadala ukuthi uNdunankulu uWen Jiabao akhiphe imali ethe xaxa ebhekene nezidingo zesikole.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters