Kushone izingane emlilweni eChina
2013-01-04 13:08
Henan - Umlilo ubulale cishe izingane eziyisikhombisa ngoLwesihlanu ekhaya elihlala izingane ezingenabani eChina esifundazweni saseHenan, kubike abezindaba kuleliyalizwe.
Umlilo uqubuke ngezithuba zabo-08:00 ekhaya eliseLankao, kubike iChina.com.cn.
Isibalo sabashonile nabalimele asikacaci kanti amaphoyisa asaphenya ngembangela yomlilo, kusho umbiko.
Ikhaya liphethwe uYuan Lihai, owaziwa emphakathini ngokusiza izingane ezilahliwe kanti selinakekele izingane ezingaphezulu kuka-100 kusukela ngo-1987, kusho isiteshi sethelevishini iChina Central Television.
Umabonakude uthe zingu-39 izingane ebezihlala ekhaya likaYuan ngoSepthemba 2011.
UYuan kubikwa ukuthi wadayisa izimphahla zakhe, ngenxoso yokukhokhela izindleko zokunanekela izingane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).