Kushone ingane kubungazwa uNcibijane
2013-01-01 14:00
Manila - Umfanyana oneminyaka emine ubudala ushonile kwathi abanye abantu abangaphezu kuka-200 balimala ngesikhathi kuqhunyiswa ukhilikithi nezibhamu kubungazwa uNcibijane ePhilippines, kusho izikhulu.
Umfanyana ushaywe yinhlamvu ephaphalazile, lokhu kwenzeke esekhaya kubo eMandaluyong City, eManila, kusho okhulumela amaphoyisa uJesus Visagre.
Bangu -18 abantu abadubulekile, kusho umbiko wamaphoyisa.
Intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala isesimweni esibucayi kulandela ukuthi idubuleke ekhanda, kusho uNobhala eMnyangweni wezeMpilo u-Enrique Ona.
U-Ona uthi sebengu-405 abantu abalinyazwe ngokhilikithi kusukela mhlaka-21 Disemba.
"Kumele kubukelwe kwamanye amazwe ukuthi enzenjani wona ukugwema izingozi zikakhilikithi. Kumele kuqine nemithetho ngokuthengwa nokuqhunyiswa kwawo,” kusho u-Ona.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).