Kushone indoda ephathini yocansi
2012-11-12 12:01
The Hague - Kushone indoda yaseHolland ibulawa yisifo senhliziyo ngesikhathi kunephathi yokuzijabulisa ngocansi, kuthiwa idle izidakamizwa kanye namaphilisi avusa imizwa, kubike iiphephandaba ngoMsombuluko.
Le ndoda ehlonzwe ngokuthi ingu-Luc W, 43, ibihambele i"swingers party" eBelgium ngesikhathi ihlaselwa yisifo senhliziyo, kubika i-Algemeen Dagblad.
"Kungenzeka ukuba le ndoda idle izidakamizwa kanye ne-viagra," kusho iphephandaba, ngesigameko esenzeke ngeSonto edolobheni lase-Essen.
"Iphathi lena ibibanjelwe endaweni okwakuyigalaji lezimoto, kwathi ngezithuba zabo-04:00 izinto zabheda," kubika i-AD.
Unkosikazi wale ndoda, eligodliwe igama lakhe, uchaze umyeni wakhe njengendoda ethandekayo.
"ULuc ubengumshayeli wamaloli kanti ubuthongo yinto abengayitholi kahle. Odokotela bamxwayisa ngaphambilini ukuthi imithambo yakhe yegazi iyavaleka," kusho unkosikazi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP