Kushone amasosha kuphahlazeka indiza

2012-11-21 12:02

Sanna - Ibhanoyi lombutho liphahlazeke edolobheni iSanaa ngoLwesithathu, kwashona abantu abayishumu abahlanganisa nomshayeli walo, kusho uMnyango wezokuVikela eYemen.

Ibhanoyi leli liphahlazeke lizama ukuhlala phansi ngesipesheli, ngemuva kokwehluleka kwenjini.

"Indiza ihlangabezane nenkinga isemoyeni yase iphahlazeka. Umshayeli wayo nabagibeli abayisishiyagalolunye bashonile,” kusho isitatimende soMnyango.

Indiza iphahlazeke edolobheni iSanaa, enhla ne-Al-Hassaba, kusho izindaba ze-AFP.

"Indiza yombutho ebiqeqesha amasosha ivelelwe yingozi yaphahlazeka, ibe nenkinga yenjini isemoyeni yase iphahlazeka enhla ne-Al-Hassaba," kusho omunye umthombo wezindaba utshela abezindaba ze-AFP.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-27°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...