Kushone abavukuzi ePakistan

2012-12-24 14:20

Peshawar - Kushone abavukuzi abayisikhombisa ngesikhathi uphahla lwemayini yamalahle luwa ePakistan, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Inhlekelele yenzeke ngeSonto ebusuku endaweni yaseDowli e-Orakzai, okungesinye sezifunda ezizimele,  okuyikhaya lamasosha eTaliban nawe-al-Qaeda.

Isikhulu esiphezulu sendawo uKhushal Khan, utshele i-AFP ukuthi izidumbu zabayisikhombisa sezitholakele zayiswa emakhaya azo eShangla.

Esinye isikhulu naso siyiqinisekisile le ngozi.

Izimayini eziningi ePakistan zaziwa ngezokuphepha ezingekho sesimweni esihle.

Isigameko esifuze lesi sake senzeka phambilini.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 18-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Sprinkles late. More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...