Kushone abavile ku-100 efemini

2012-09-12 11:09

Karachi - Cishe bangu-100 abantu abashonile ngesikhathi umlilo ushisa ifemu yezingubo eKarachi, kwalimala inqwaba ngesikhathi izama ukuphuma ngamawindi ibalekela umlilo, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Umlilo owenzeke ebusuku efemini enezitezi ezine edolobheni elikhulukazi ePakistan uqondane nomunye odaleke efemini yezicathulo eLahore ngoLwesibili, okushone khona cishe abantu abangu-12.

"Okwamanje sesikwazile ukuthola izidumbu ezingu-100 kanti sinokwesabela ukuthi kungenzeka ukuba kusanezinye izidumbu ezingaphakathi,” kusho isikhulu sezemililo eKarachi, u-Ehtesham Salim etshela abe-AFP.

"ifemu ibigcwele iphuphuma amabhokisi ezingubo, kungekho ngisho nesikhala sokungena umoya. Kanti futhi nendawo yokuphuma uma kunezimo eziphuthumayo ayikho,” kusho uSalim.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...