Kushone abathathu kuketuka isikebhe

2014-09-25 16:02

Carmelo Peralta – Kushone abantu abathathu kwanyamalala abangu-13 ngesikhathi kuketuka isikebhe ebesigcwele izivakashi emfuleni waseParaguay.

Ngokumbiko lesi sikebhe siketuke ngoLwesithathu kanti kuthiwa lokhu kudalwe yizikhukhula ezinamandla ebezihlasele edolobheni iCarmelo Peralta enyakatho yaseParaguay.

Kubikwa ukuthi isikhulu senNational Emergency Secretariat u-Aldo Saldivar uthe lesi sikebhe besilayishe izisebenzi ezidabuka eParaguay ezingu-11 nezivakashi eziqhamuka eBrazil ezingu-16. 

OLUNYE UDABA: Kunyamalale inqwaba yabantu kucwila isikebhe

Kuthiwa uSaldivar uthe lezi zivakashi bezisohambeni lokudoba futhi zibone nezinye izindawo ezakhele umfula iPantala.  

“Lesi sikebhe siketuke ngenxa yezikhukhula. Aabangu-11 kubantu abangu-27 abebegcwele kulesi sikebhe bakwazile ukubhukuda baphumele endaweni ephephile.

Abezimo eziphuthumayo bamatasa bathungatha abantu njengoba ngoLwesithathu bagcine bethole izidumbu ezintathu,” kusho yena.

Uthe baphoqeleke ukuba bagcine ngokukumisa ukucingwa kwabantu ngenxa yobumnyama ngoLwesithathu.

Uqhube ngoLwesine kuqhubekile ukucingwa kwalabo abasanyamalele. 



    -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...