Kushone abantu-22 eBaghdad
2013-02-04 16:20
Baghdad - Idelakufa eliziqhumise ngebhomu lithi lihlasela abantu abamele neqembu le-A-Qaeda, lishonile nabanye abantu abangu-22, abakade belindele imiholo yabo eBaghdad.
Kulimale abanye abantu abangu-44 kuso lesi sehlakalo kanti kulindeleke senyuke isibalo sabantu abashonile.
Ukuqhuma kwenzeke ngezikhathi zasemini edolobheni iTaji, elingamakhilomitha angu-25 ukusuka eBaghdad.
Abantu abaningi abashonile bangabeqembu iSahwa, elaziwayo ukuthi alihambisani ne-Al-Qaeda, abanye bekungamasosha.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).