Kushone abangu-9 odlameni eNdiya

2012-07-25 10:06
Yabelani Shicilela

Guwahati - Abantu abangaphezu kwesishiyagalolunye bashonile ngesikhathi kuqubuka udlame lobuhlanga enhla nezwe iNdiya, kusho izikhulu zikahulumeni ezithi kuze kwathunyelwa amasosha ukuthi ayoxazulula impi esiqhubeke izinsuku zilandelana.

Abantu abalinganiselwa ku-170 000 sebebaleke bashiya amakhaya abo endaweni yase-Assam, kumanje abahlali babhace ematendeni abekwe nguhulumeni.

Sebengu-35 abantu abashonile kusukela kwaqubuka udlame ngoLwesihlanu.

Udlame luphakathi kwesizwe samaBodo kanjalo namaSulumane, sekuphele iminyaka zombili izinhlaka zingabhekani ngenxa yokubanga umhlaba.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C High level clouds. Mild. Pta: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...