Kushone 9 engozini yebhasi eNepal
2012-07-16 10:02
Nepal - Amaphoyisa athi kuphenduke ibhasi emgwaqeni omkhulu layogingqikela emfuleni, kwafa abantu cishe abayisishiyagalolunye kwalimala abangu-18 ezweni elinezintaba.
Ibhasi liginqike amamitha angu-100 lisuka emgwaqeni omkhulu ngaphambi kokuba likhalakathele emfuleni iTrishuli ngoMsobuluko okuyindawo engamakhilomitha angu-80 ukusuka enhlokodolobha iKatmandu.
Bayisithupha abashonele endaweni yenhlekelele kanti abathathu bashonele endleleni eya esibhedlela.
Abosizo lokuqala baqhubekile nokuthungatha abanye abagibeli emfuleni.
Akukacaci ukuthi bangaki abantu abebesebhasini.
Amaphoyisa aphenya imbangela yengozi.
Cishe bangu-39 abantu abashonile ngeSonto kwenye ingozi yebhasi eNepal.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP